Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:35 - IsiZulu 2020

35 Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Khona-ke insimbi, nobumba, nethusi, nesiliva, negolide kwachotshozwa kanyekanye, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo; umoya wazisusa, akwaze kwatholakala indawo yazo, netshe elashaya isithombe laba yintaba enkulu, lagcwalisa umhlaba wonke.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:35
28 Referans Kwoze  

Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.


Abayukukwenza okubi, noma babhubhise entabeni yami engcwele, ngokuba umhlaba wonke uyogcwala ukumazi uSimakade njengamanzi esibekela ulwandle.


kodwa abazange babe namandla okunqoba, nendawo yabo yaphela ezulwini.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.


Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,


Umhlaba wonke ukhuleke kuwe, ukudumise, bahubele igama lakho.” Sela


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Ngesikhathi sokufudumala, iyanyamalala, uma sekushisa iyasha, iphele endaweni yayo.


Hlanganani zizwe, nishaqeke. Bekani indlebe nina mazwe akude: bophani izinkalo zenu, nokho niyodangala; yebo, bophani izinkalo zenu, kodwa niyakudangala.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Kuyakuthi ngalolo lusuku iJerusalema ngilenze libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe. Zonke ezizithwesa lona ziyakulimala kanzima. Izizwe zonke zomhlaba ziyakubuthana, zilihlanganyele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite