Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:26 - IsiZulu 2020

26 Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBhelitheshazari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazelo yalo na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa yini iphupho engilibonile kanye nencazelo yalo na?”

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:26
9 Referans Kwoze  

Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Kepha ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukungazisa izincazelo, usombulule le nkiyankiya. Manje-ke uma ungawufunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okubukhwebezane, ufakwe nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”


ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.”


Kepha kwathi ekugcineni kweza kimi uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, okuyigama elifana nelikankulunkulu wami, okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:


USawule wathi kuDavide: “Awunawo amandla okuphuma uyolwa nalowo mFilisti, ngokuba wena usengumfana nje; yena uyindoda yempi kusukela ebusheni bakhe.”


UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.”


Kwathi ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari, inkosi yaseBhabhele, uDaniyeli waphupha iphupho, wabona nemibono emqondweni wakhe elele embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda ngengqikithi yalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite