Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:20 - IsiZulu 2020

20 UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UDaniyeli wathatha wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UDaniyeli waphendula wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:20
25 Referans Kwoze  

Malibongwe igama likaSimakade, kusukela manje, kuze kube phakade.


“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.


zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.”


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami.


Kepha thina sizombonga uSimakade kusukela manje kuze kube phakade, Haleluya!


“Makabongwe uSimakade onike abantu bakhe, u-Israyeli, ukuphumula njengakho konke akushilo; akukho nelilodwa izwi elehlulekile kuwo wonke amazwi akhe amahle awakhuluma ngesandla sikaMose, inceku yakhe.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


UNkulunkulu ukhulume kanye, ngakuzwa kabili lokho: amandla angakaNkulunkulu,


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.


Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.


Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.


Haleluya! Mdumiseni uSimakade zinceku zakhe, dumisani igama likaSimakade.


Wena uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite