Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:2 - IsiZulu 2020

2 Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bema phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yasilaya ukuthi kubizwe izanusi labathakathi labathakathi lamaKhaladiya ukuze bamtshele inkosi amaphupho ayo. Bafike bema phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:2
16 Referans Kwoze  

Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


Ngakho-ke, ngakhipha isimemezelo sokuba balethwe phambi kwami bonke abahlakaniphileyo baseBhabhele, ukuze bangazise incazelo yephupho.


UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.


Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


AmaKhaledi aphendula phambi kwenkosi, athi: “Akukho muntu emhlabeni ongaboniswa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, namaKhaledi.


AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


Kwakuwumkhuba wenkosi ukubuza maqondana nezinto eziphathelene nomthetho nokwehlulela, kubeluleki,


Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.


UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.


Ngaso leso sikhathi kwasondela amadoda amaKhaledi, otha abaJuda.


AmaFilisti ababiza abaphristi nababhulayo, athi: “Sizokwenzenjani ngomphongolo kaSimakade na? Siboniseni; sizakuwubuyisela kanjani endaweni yawo na?”


Maye, zinkulu kangakanani izibonakaliso zakhe! Maye, zinamandla izimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ngumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane ngezizukulwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite