Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:18 - IsiZulu 2020

18 ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangani bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBhabhele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ukuze bacele umusa kuNkulunkulu wezulu ngale mfihlakalo; ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBhabhiloni.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:18
22 Referans Kwoze  

‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


“Ngiqinisile futhi ngithi kini: uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakwenzelwa nguBaba osezulwini.


“Nicabangani ngalokhu na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese kuduka eyodwa kuzo, akayukuzishiya yini ezingama-99 ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo na?


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile amazwi uRabi Shake awathunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, okweyisa uNkulunkulu ophilayo, amsole ngawo uSimakade uNkulunkulu wakho; ngalokho phakamisela insali esaseleyo umkhuleko wakho.”


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


uma kwenzeka laba abangama-50 abalungileyo behle ngabahlanu, usengawubhubhisa yini wonke umuzi ngenxa yabahlanu ababi na?” USimakade wathi: “Uma ngithola abangama-45 angiyukuwubhubhisa.”


Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,


Ngiyanincenga manje, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Khristu nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nibambisane nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu,


Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukuba emuva kwePhasika, amkhuphulele kubantu.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu.


Ngiyakubonga, ngikudumise Wena Nkulunkulu wawobaba, ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”


Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zesihlahla, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.


Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite