Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:12 - IsiZulu 2020

12 Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBhabhele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho inkosi yathukuthela, yathukuthela kakhulu, yasilaya ukuthi kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:12
14 Referans Kwoze  

Khona uNebukhadinezari wayaleza egcwele ulaka nentukuthelo, wayaleza ukuba kulethwe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Alethwa-ke lawo madoda phambi kwenkosi.


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Inkosi yaphendula, yathi kumaKhaledi: “Izwi liphumile kimi lokuthi uma ningangazisi iphupho nencazelo yalo, niyakuhlahlelwa, izindlu zenu zibe yincithakalo.


Umuntu onolaka udala ingxabano, nalowo onesififane ubanga ukuphambuka okukhulu.


Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Intukuthelo yenkosi ifana nezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Ngalokho uDaniyeli wangena ku-Ariyokhi obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBhabhele. Wahamba, washo kanje kuye, wathi: “Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBhabhele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.”


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite