Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:1 - IsiZulu 2020

1 Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, nobuthongo bakhe bambalekela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho, umoya wakhe waphazamiseka, nobuthongo bakhe bameqa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:1
14 Referans Kwoze  

Ngase ngifikelwa yiphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono emqondweni wami yangesabisa.


Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.


Inkosi yayisithi kubo: “Ngiphuphe iphupho, umoya wami ukhathazekele ukulazi iphupho.”


Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka wokuqala wokubusa kukaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika izwi kuJeremiya maqondana nabo bonke abantu bakwaJuda.


Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.


Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala.


Kwathi ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari, inkosi yaseBhabhele, uDaniyeli waphupha iphupho, wabona nemibono emqondweni wakhe elele embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda ngengqikithi yalo.


Kube kuhle kimi ukuba nginazise ngezibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzileyo kimi.


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono emqondweni wami yangihlupha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite