Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:40 - IsiZulu 2020

40 “Ngesikhathi sokugcina inkosi yaseningizimu iyakulwa nayo; inkosi yasenyakatho iyakuza kuye njengesishingishane inezinqola, nabamahhashi, nemikhumbi eminingi, iyakungena ngaphakathi ezweni, ikhukhule, idlule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyoyihlasela, inkosi yasenyakatho ihlangabezane nayo njengesivunguvungu, inezinqola, nabamahhashi, nangemikhumbi eminingi; futhi iyongena emazweni futhi ikhukhule idlule.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:40
24 Referans Kwoze  

Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.


abamicibisholo iloliwe, neminsalo yabo yonke insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakufaniswa nezensengetshe; namasondo abo, njengesivunguvungu.


Eyesithupha yasithululela isitsha sayo emfuleni omkhulu iYufrathe, kwase kusha amanzi kuwo, ukuze kulungiswe indlela yamakhosi avela empumalanga.


USimakade uyakubonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi. INkosi uSimakade iyakushaya impalampala. Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”


Ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe nayo yonke impi yakho, amahhashi nabagibeli bawo, bonke bevunule bephelele, iviyo elikhulu eliphethe amahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba zabo zimenyezela.


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!


Isiphrofetho ngehlane eligudle ulwandle. Njengesiphepho sivunguza eningizimu, kukhona ozayo ovela ehlane, ezweni elesabekayo.


Ngezwa ukuthi inani lamabutho ayegibele amahhashi lalingaphindwa kabili, liyizi-10 000 eziphindwe kazi-10 000.


Ngamandla esifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.


Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.


“Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, abahlule.


“Inkosi yaseningizimu iyakuvutha ulaka, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.


Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.


“Uyakuvusela inkosi yaseningizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, ilwa nempi enkulu enamandla impela, kepha ayiyukuma, ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.


Iyakwenza kanjalo ezinqabeni ezinamandla inonkulunkulu wabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imehlukanisele izwe, libe ngumvuzo wakhe.


Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.


Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imikhonto, lapho amabutho akhe engithelekela ukuba angihlakaze, ejabula njengazoshwabadela ompofu esithe.


Uyakukhuphukisa okwesishingishane, usibekele izwe njengefu, wena nawo wonke amaviyo akho, nezizwe eziningi zikanye nawe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite