Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:4 - IsiZulu 2020

4 Iyakuthi ingavela nje, umbuso wayo ufohlozwe, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho isisukuma, umbuso wayo uyakwaphulwa, uhlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu; futhi hhayi inzalo yakhe noma ngokombuso wakhe ayebusa phezu kwawo; ngoba umbuso wayo uzahlwithwa, labanye ngaphandle kwabo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:4
24 Referans Kwoze  

Kepha esikhundleni salolo olwephukileyo kwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, kodwa ingenamandla alo.


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwephuka; esikhundleni salo kwamila ezine ezigqamileyo ngasemimoyeni yomine yezulu.


Kepha uma isizwe singalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula, ngisibhubhise,” kusho uSimakade.


“Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu.


Ngesinye isikhathi ngiyakukhuluma ngesizwe nangombuso ukuthi ngizowusiphula, ngiwudilize, ngiwubhubhise,


Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma.


“Emveni kwalokho ngabona; bheka, esinye sasinjengengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.


“Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.


Isigodi sonke; lapho kugcwele khona izidumbu, nalapho kulahlwa khona umlotha, nawo wonke amasimu, kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga; kuyakuba ngcwele kuSimakade, kungabe kusasishulwa, noma kubhidlizwe, kuze kube phakade.”


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Emveni kwalokho, ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle, nakwesisodwa sezihlahla.


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine evela emkhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, akuyukuba bikho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, phrofetha kuwo umoya, phrofetha uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Woza, moya uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo, ukuze baphile.” ’ ”


“Maye! Maye, balekani enyakatho!” kusho uSimakade, “ngokuba nginihlakaze njengemimoya emine yezulu,” kusho uSimakade.


Ingelosi yaphendula, yathi: “Lena yimimoya emine yezulu ephumile, ibime phambi koMnuzane womhlaba wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite