Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:36 - IsiZulu 2020

36 “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Futhi inkosi kumelwe yenze ngokwentando yayo; iyoziphakamisa, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume izimangaliso ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nempumelelo, kuze kuphele ulaka; ngoba okumisiweyo kuzokwenzeka.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:36
47 Referans Kwoze  

omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.


Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.


Kepha kuyakuthi ngezinsuku lapho ingelosi yesikhombisa isizakubetha icilongo layo, kulapho-ke imfihlakalo kaNkulunkulu iyakube isifeziwe, njengalokhu amemezela ezincekwini zakhe, abaphrofethi, ngezindaba ezijabulisayo.”


Ngokuba ngesikhashana nje izokwehla intukuthelo yami, ulaka lwami kube ngolokubhujiswa kwabo.”


Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.


Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.


ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


“Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa intando yongithumileyo.


Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo.


Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.


“Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Hambani bantu bami, niye ezindlini zenu, nizivalele khona, nicashe isikhashana, luze lwedlule ulaka.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.


“Simakade, Nkulunkulu wonkulunkulu! USimakade, uNkulunkulu wonkulunkulu uyazi, no-Israyeli makazi! Uma kungukuhlubuka noma kungukwephula ukholo kuSimakade, ningasiyekeli sisinde namuhla,


Makungabi bikho muntu onikhohlisayo noma ngayiphi indlela, ngokuba aluyukufika usuku kungakafiki kuqala ukuhlubuka, nokwembulwa komuntu ongenamthetho, indodana yembubhiso,


Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.


Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.


“ ‘ “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.” ’ ”


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Ayiyukubanaka onkulunkulu boyise. Ayiyukubanaka nabafiswa yisifazane kanjalo ayiyukunaka nankulunkulu mumbe, ngokuba iyakuzikhukhumeza phezu kwabo bonke.


“Maye, kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, induku esesandleni salo iyintukuthelo yami.


Ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla uyokuphelelisa ukubhujiswa osekunqunywe emhlabeni wonke.


Ngiyokhuphuka ezindaweni eziphakemeyo phezu kwamafu, ngizenze ngibe njengoPhezukonke.’


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Waya kuMolokhi uphethe amafutha, wawandisa amakha akho. Wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo,


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


Ngokuba sengizakuvusa umelusi ezweni ongayukuzinakekela ezilimeleyo, angazifuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezinamanxeba, angazesekeli ezintekenteke, kodwa adle inyama yezikhulupheleyo, adabule izinselo zazo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite