Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:23 - IsiZulu 2020

23 Emva kokuvumelana naye, uyakusebenza ngenkohliso, ngokuba uyakukhuphuka, abe namandla, yize enesizwe esincane nje.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Emva kokuvumelana naye uyakusebenza ngenkohliso, ngokuba uyakukhuphuka, abe namandla enesizwe esincane nje.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Futhi ngemva kokwenza isivumelwano naye, uyosebenza ngobuqili, ngoba uyokhuphuka futhi abe namandla kanye nesizwe esincane.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:23
11 Referans Kwoze  

Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.


Ukufika kwalowo ongenamthetho kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo onke amandla, nangezibonakaliso, nezimangaliso ezingamanga,


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Bagcwele konke ukungalungi; ukonakala, umhobholo nobubi; begcwele umhawu, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuqili nokuhleba.


Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.


Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,


Amadodana kaJakobe aphendula uShekhemu noyise uHamori ngobuqili, ngokuba wayengcolise udadewabo uDina.


Ngamandla esifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.


Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinothileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhashana.


Iyakuba namandla amakhulu, kungengamandla ayo uqobo; iyakubhubhisa ngokumangalisayo, iyakuphumelela, iyakwenza, iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite