Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:2 - IsiZulu 2020

2 “Manje ngikutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo wonke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa konke ukulwa nombuso waseJavani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Manje ngizokutshela iqiniso. Bheka, kusayakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; futhi owesine uyoceba kakhulu kunabo bonke, futhi ngamandla ayo ngengcebo yakhe uyovusa bonke bamelene nombuso waseGrisi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:2
17 Referans Kwoze  

Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”


“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”


Uma athi bangonkulunkulu, labo izwi lakhe elafika kubo, nombhalo ungechithwe,


Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.


“Uyakuvusela inkosi yaseningizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, ilwa nempi enkulu enamandla impela, kepha ayiyukuma, ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.


Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.


“Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’


ukuba kukufundise iqiniso, namazwi athembekile, ukuze uthumele impendulo eyiqiniso kwabakuthumileyo na?


Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.


Impongo iyinkosi yaseJavini; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala.


Sekubusa u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, uBhishilamu, uMithiredathi, uThabeheli nabo bonke ababebambisene nabo babhalela u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, incwadi ngesi-Aramayikhi, bayihumusha.


Umsebenzi endlini kaNkulunkulu eJerusalema wawusumile; kwakungasenziwa lutho, kwaze kwaba ngunyaka wesibili wokubusa kukaDariyu, inkosi yasePheresiya.


Lokhu kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Ahasheveroshi; lona ngu-Ahasheveroshi owayebusa izifundazwe eziyi-127, kusukela eNdiya kuye eKhushe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite