Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:17 - IsiZulu 2020

17 Uyakubhekisa ubuso bakhe ukuze afike nombuso wakhe namandla kanye nezinto ezilungileyo bese enza isivumelwano naye, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayenzakalise, kepha ayiyukuma, futhi ayiyukuba ngeyakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Iyakubhekisa ubuso bayo ukungena ngamandla ombuso wayo wonke, nabaqotho kanye nayo; uyakwenza njalo: uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayichithe; kodwa ngeke ame ngakuyo futhi angabi ngakuye.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:17
15 Referans Kwoze  

Uyobhekisa ubuso bakho ekuvinjezelweni kweJerusalema, ingalo yakho ingemboziwe; uphrofethe, umelane nalo.


Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulwenze lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, ubhekise ubuso bakho kuwo, wona uyakuvinjezelwa, uyakuwuvimbezela. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.


Kwase kusuka uHazayeli, inkosi yase-Aramu, walwa neGathi, walinqoba. UHazayeli wayesebhekisa amabombo eJerusalema.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


“Ongahambisani nami, umelene nami; ongabuthi nami, uyahlakaza.


Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema.


“Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza.


Uyakuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uphrofethe ngabo, umelene nabo,


UFaro, ngempi yakhe enkulu nebandla elikhulu analo, akayukumsiza empini, nalapho kwenziwa indunduma, kwakhiwa udonga lokuvimbezela ukuze kubulawe abantu abaningi.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.


UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda.


Sonke ngothi lwaso sitheleka ngendluzula, ubuso baso buqonde ngqo phambili; sibutha abathunjwa njengesihlabathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite