Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:16 - IsiZulu 2020

16 Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lowo oza ngokumelene naye uyokwenza njengentando yakhe, futhi akekho oyokuma phambi kwakhe; futhi uyokuma ezweni elikhazimulayo eliyoqedwa ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:16
11 Referans Kwoze  

Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, ngasempumalanga, nangasezweni elihle.


Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabakwa-Amoni.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo.


Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yaba nolaka olukhulu, yayishaya inqama, yazephula izimpondo zayo ezimbili. Inqama ayibanga namandla okuma phambi kwempongo, kodwa yayiqumba phansi, yayinyathela, akwaze kwaba bikho ongayihlenga esandleni sayo.


Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.


Iyakumisa ithende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele, kepha ilibhekise esiphethweni sayo, akakho ongayisiza.”


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


utheleke kwaJuda. Uyogcwala, ufinyelele ezinkwazini, bese amaphiko awo elulekileyo agcwalise ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite