Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:12 - IsiZulu 2020

12 Kepha lapho isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyukuba namandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Futhi uma Esusa isixuku, inhliziyo yakhe iyophakama; uyakuwisa amashumi ezinkulungwane eziningi, kepha ngalokho akayikuziqinisa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:12
19 Referans Kwoze  

Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.


Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Inhliziyo yakho yakhukhumala ngenxa yobuhle bakho, wakonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho. Ngakuqumba phansi, ngabeka amakhosi ukuba akuqaphe.


ngokuhlakanipha kwakho okukhulu, ekuhwebeni wandise ingcebo yakho; inhliziyo yakho yaqhosha ngenxa yomcebo wakho.


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.


Umtshele uthi: ‘Bheka, ubhubhisile u-Edomi, manje inhliziyo yakho iqhoshile, ufuna ukubonakalisa udumo lwakho. Manje kungcono uhlale endlini yakho; kungani uhlokoloza inyoka isemgodini, ufuna ukuwa wena noJuda kanyekanye na?’ ”


Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”


bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,


“Inkosi yaseningizimu iyakuvutha ulaka, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.


Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite