Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:9 - IsiZulu 2020

9 Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngizwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa ngezwa izwi lamazwi akhe, futhi lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obunzima, ubuso bami bubheke phansi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:9
11 Referans Kwoze  

Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,


Kuthe seliyozilahla kunina u-Abhrama wazunywa ngubuthongo obukhulu. Esesebuthongweni wehlelwa ngubumnyama obesabekayo.


Esesukumile ekukhulekeni, waya kubafundi bakhe, wabafica belele, ngokuba babedabukile kakhulu.


Kepha uPhethro nababenaye babelele zwi, kodwa kuthe sebephapheme, babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye.


Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”


Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo,


USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo.


Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina,


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite