Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:16 - IsiZulu 2020

16 Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bheka, onjengamadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngivula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kobemi phambi kwami: “O nkosi yami, ngokubona izinsizi zami ziphendukele kimi, angibange ngibe namandla.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:16
29 Referans Kwoze  

Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami okungathi isimo somuntu.


Lathinta umlomo wami, lathi: “Uyabona, lokhu kuzithintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho sezihlanguliwe.”


USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono emqondweni wami yangihlupha.


Phakathi kwezinti zezibani kwakukhona ofana nendodana yomuntu, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni.


UThomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Khona manjalo wavuleka umlomo wakhe nolimi lwakhe lwathombuluka, wayesekhuluma edumisa uNkulunkulu.


Ngakuzwa, kepha angiqondanga, ngase ngithi: “Nkosi yami, isiphetho salokho siyakuba yini na?”


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Kwathi kusihlwa, engakafiki lowo owayekade ephunyuke eJerusalema, isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wawuvula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni. Wavulwa-ke umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.


Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Ngaphezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okungathi yitshe lesafire, libukeka njengesihlalo sobukhosi. Phezu kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu.


Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”


UManowa wayesekhuleka kuSimakade, wathi: “Nkosi, ngiyakunxusa, makuthi umuntu kaNkulunkulu obumthumile abuye eze kithi asifundise ukuthi siyakwenzenjani maqondana nomfana ozakuzalwa.”


Waphendula wathi: “Kodwa Nkosi, ngingamkhulula kanjani u-Israyeli, na? Umndeni wakithi ungomncinyane kwaManase, nami ngingomncane endlini kababa.”


UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.”


Yaphendula yathi: “Angisiye omunye walokho kokubili, kodwa ngingumkhuzi wempi kaSimakade, sengifikile ngizonisiza.” UJoshuwa wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, eyihlonipha, kodwa wathi kuyo: “Nkosi, uyiyala inceku yakho ukuba yenzeni na?”


Kepha wathi: “Nkosi, ngixolele, ngiyakucela ukuba uthumele omunye.”


UMose wathi kuSimakade: “Nkosi, ngixolele, angikaze ngibe ngumuntu oyiciko lokukhuluma, kusukela kuqala kuze kube manje njengoba ukhuluma nenceku yakho, ngokuba nginamalimi, ulimi lwami lulukhuni.”


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite