Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 1:6 - IsiZulu 2020

6 Kulabo kwakukhona abantu bakwaJuda: uDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kulabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda oDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Phakathi kwabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda, uDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 1:6
10 Referans Kwoze  

Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, watshela uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, abangani bakhe, le ndaba


noma ngabe bekungaba khona uNowa, uDaniyeli, noJobe kulo, ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, bebengeke bakwazi ukusindisa amadodana namadodakazi awo, kodwa bebeyosindisa impilo yabo kuphela, ngenxa yokulunga kwabo.


“Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni,


Wena uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, ngenkathi sebemi phambi kwenkosi.


U-Ariyokhi wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”


Ngakho-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuye: “Wena unguDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?


Kuthe lapho inkosi isiwezwile lawo mazwi, yadabuka kakhulu, yazindla ngoDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumhlenga kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite