Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 1:4 - IsiZulu 2020

4 Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abantwana abangenasici kubo, kodwa abathandekayo nabanamandla kukho konke ukuhlakanipha nobuqili olwazini nasekuqondeni kwesayensi, ababenamandla okuma esigodlweni senkosi, ababengafundisa kubo ukufunda nolimi lamaKaledi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 1:4
23 Referans Kwoze  

Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


UMose wafundiswa konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe, waba namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


Kulo lonke elakwa-Israyeli kwakungekho muntu owayebatshazwa ngobuhle njengo-Absalomu. Wayengenasici, kusukela ematheni onyawo kuya okhakhayini.


AmaKhaledi aphendula phambi kwenkosi, athi: “Akukho muntu emhlabeni ongaboniswa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, namaKhaledi.


“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose; wayethandeka kuNkulunkulu. Wondliwa endlini yakwabo izinyanga ezintathu.


Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


Kwase kufika izanusi, abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kodwa bahluleka ukungichazela lona.


Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.


Wathi kuZebha noZalimuna: “Nithini ngamadoda enawabulala eThabhori, na?” Baphendula bathi: “Lawo madoda ayefana nawe, wonke ayefana namadodana enkosi.”


ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala.


Ngaso leso sikhathi kwasondela amadoda amaKhaledi, otha abaJuda.


Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.


U-Eliyakimi noShebhina noJowa, bathi kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyasizwa, kodwa ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”


Ngizakwehlisela kini, nina ndlu ka-Israyeli, isizwe esivela kude,” kusho uSimakade; “yisizwe esinamandla, isizwe esidala, isizwe ongalwazi ulimi lwaso, nongakuqondi esikushoyo.


Ngonyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi, wozalo lwamaMede, owabekwa inkosi phezu kombuso wamaKhaledi,


Yathi kuyo: “Gijima utshele leya nsizwa ukuthi iJerusalema alisayukubiyelwa ngogange, ngenxa yobuningi babantu nemfuyo okukulo.


UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite