Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 1:19 - IsiZulu 2020

19 Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, ngenkathi sebemi phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya; base bemi ngaphambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Inkosi yasikhuluma kubo; futhi phakathi kwabo bonke akutholakalanga owayenjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya; ngakho bema phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 1:19
11 Referans Kwoze  

Inkosi yabamisela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo, ukuba bondliwe iminyaka emithathu; kuyakuthi ngasekugcineni kwayo, bame phambi kwenkosi.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Uma uphenduka, ngiyakukwemukela, uyakuma phambi kwami. Uma uveza okuyigugu phakathi kokungenamsebenzi, uyakuba ngumlomo wami. Yibo abazobuyela kuwe, akusiwena ozophendukela kubo.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Kulabo kwakukhona abantu bakwaJuda: uDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya.


Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.


Ngasekugcineni kwezinsuku inkosi eyayishilo ukuthi bazakungeniswa ngazo, induna yabathenwa yabangenisa phambi kukaNebukhadinezari.


Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa; bamfuna uDaniyeli nabangani bakhe ukuba babulawe.


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, izizwe, izilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe incithakalo, ngokuba akekho omunye unkulunkulu ongasindisa ngale ndlela.”


Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite