Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:8 - IsiZulu 2020

8 Sinodadewethu omncane, ongakahlosi. Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Silodadewethu omncane, njalo kalawo amabele; kumele senzenjani nosisi wethu mhla kukhulunywa ngaye?

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:8
29 Referans Kwoze  

Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe ngeyakho.


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba ngizakukuthuma kwabezizwe.’ ”


UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.”


Kwakukhona indoda ethile eKhesariya, igama layo kunguKhorneliyu, iyinduna yekhulu yebutho okuthiwa elase-Ithaliya.


“Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.


Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye.


Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


Uyakugcincwa ngokudakwa nosizi: indebe yokwesabekayo neyencithakalo, indebe kadadewenu iSamariya.


Uyakuzikhumbula izindlela zakho, ube namahloni, lapho wemukela odadewenu, omdala kunawe nomncane kunawe, ngikunike bona babe njengamadodakazi, kodwa hhayi ngenxa yesivumelwano sami nawe.


Udadewenu omdala kwakuyiSamariya, amadodakazi akhe, akhe ngasenyakatho yakho. Udadewenu omncane kunawe, wayehlala ngaseningizimu kwakho, uyiSodoma namadodakazi alo.


Wande njengehlumela lasendle. Ngakwenza wakhula, waba muhle kakhulu; wahlosa amabele, wamila izinwele, kodwa wawunqunu, uhamba ze.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngangilugange, namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe, njengofumene ukuthula.


Amabele akho amabili anjengamazinyane amabili, amaphahla ayizixhumo zensephe.


Amabele akho amabili anjengamazinyane, izixhumo zendluzelakazi ezingamaphahla, ziklabe phakathi kweminduze.


Ukuba ubeludonga, besizokwakha umbhoshongwana wesiliva phezu kwakhe. Ukuba ubeyisivalo, besizomvalela ngamapulangwe omsedari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite