Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:5 - IsiZulu 2020

5 Ngubani lo owenyukayo evela ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Ngakuvusa phansi kwesihlahla samahhabhula, lapho unyoko wahelelwa khona; wasikwa waze wakuzala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula* ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngubani okhuphuka ehlane futhi encike kusithandwa sakhe? Ngakuphakamisa phansi kwesihlahla sama-apula; lapho unyoko wakuzalela khona; khona wakuzalela owakuthwala.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:5
29 Referans Kwoze  

Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele.


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Umphefumulo wami ubambelele kuwe, esokunene sakho singisekele.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Ngubani lo obukeka njengentathakusa, omuhle njengenyanga, okhanya njengelanga, ohlonipheka njengempi na?


Ngithe nje ukwedlula kancane kubo, ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami. Ngambamba, ngamnkonkoshela angavuma ukuba ahambe, ngaze ngamfaka endlini kamame, nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.


okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.


Omunye wabafundi, lo uJesu ayemthanda kakhulu, wayehleli eduze naye, encike esifubeni sakhe.


Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho,


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi.


Sengathi ngabe ungumfowethu esancela bele linye naye kumame! Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula, ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.


Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.


Ngamandla omuntu nje anaye, kodwa uSimakade uNkulunkulu wethu unathi ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.


Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayeyilungiselelwe nguNkulunkulu, ukuba anakekelwe izinsuku eziyi-1 260.


Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini;


Kanjalo nani bazalwane bami, nafa maqondana nomthetho ngomzimba kaKhristu, ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithele izithelo kuNkulunkulu.


Wethembe intonga yalo mhlanga ofecekileyo oyiGibhithe, eligwaza isandla sanoma ngubani oncika kulo. Unjalo-ke uFaro, inkosi yaseGibhithe, kwabathembele kuye.’


Woza sisuke eLebhanoni, makoti wami, usuke nami eLebhanoni, wehle esiqongweni se-Amana nasesiqongweni seShiniri naseHermoni, sisuke emiphandwini yamabhubesi nasezintabeni zezingwe.


Kepha abazingela umphefumulo wami ukuba bawenzakalise, bazokwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite