Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:13 - IsiZulu 2020

13 Amamandragora athaphuka iphunga elimnandi, ngaseminyango yethu kukhona zonke izinhlobo zezithelo zekhethelo, ezintsha nezindala, engizibekele wena, othandiweyo wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Amamandragora* athaphuka iphunga, nangaseminyango yethu kukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo, ezintsha nezindala, engizibekele wena othandiweyo wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Amamandragora anephunga elimnandi, ngasemasangweni ethu kukhona zonke izinhlobo zezithelo ezinhle, ezintsha nezindala, engizibekele wena, sithandwa sami.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:13
21 Referans Kwoze  

Ngezinsuku zokuvunwa kukakolo, uRubeni waya endle wathola amamandarike. Wawaletha kunina uLeya. URaheli wathi kuLeya: “Ake ungiphe nami amamandarike endodana yakho.”


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume ngokwamazwi avela kuNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze njengokwamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Khristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ngaye uJesu Khristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni;


Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo.


Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”


UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.


Izitshalo zakho ziyisivande samahananadi esithela izithelo zekhethelo; ihena elinamanadi,


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Sengathi ngabe ungumfowethu esancela bele linye naye kumame! Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula, ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.


Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite