Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:16 - IsiZulu 2020

16 Okuphuma emlonyeni wakhe kumnandi, konke ayikho kuyanxaneleka. Yilowo othandiweyo wami, yilowo-ke ongumngani wami, madodakazi aseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Umlomo wakhe umnandi; yebo, uthandeka ngokuphelele. Lo ungothandiweyo wami, lo ngumngane wami, madodakazi aseJerusalema.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:16
24 Referans Kwoze  

Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


nolwanga lwakho lufane newayini elihle, elehla kabushelelezi kothandiweyo wami, lewuka ezindebeni nasemazinyweni.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu.


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.


Impela njengomfazi ekhohlisa umyeni, kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli,” kusho uSimakade.


Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze.


Othandiweyo wami ungowami, nami ngingowakhe; welusela phakathi kweminduze.


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Ngiyimbali yaseSharoni, nomnduze wezimfunda.


Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.


Makangiqabule ngokuqabula komlomo wakhe! Uthando lwakho lumnandi kunewayini.


Manidumise igama likaSimakade, ngokuba ngelakhe lodwa igama eliphakemeyo, inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami.


Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na?


Zinxanelekile kunegolide, ngisho nenqwaba yegolide elicwengekileyo. Zimnandi ukwedlula uju oluconsa emakhekhebeni.


“USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.


Madodakazi aseJerusalema, ngimnyama kodwa ngimuhle. Nginjengamathende akwaKhedari, nanjengamakhethini kaSolomoni.


Izindebe zomlomo wakho zifana nomucu obomvu, umlomo wakho muhle, ufana nocezu lwehananadi, ngale kwemvakazi yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite