Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:4 - IsiZulu 2020

4 Intamo yakho ifana nombhoshongo kaDavide onemigqa okuphanyekwa kuyo izikhali; inkulungwane yamahawu iphanyekwe kuwo, zonke izihlangu zamaqhawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Intamo yakho injengombhoshongo kaDavide owakhiwe ngemihlobiso, okuphanyekwa kuwo amahawu ayinkulungwane, onke eyizihlangu zamaqhawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Intamo yakho injengombhoshongo kaDavide owakhiwe njengezikhali, okulenga kuwo izihlangu eziyinkulungwane, zonke izihlangu zamaqhawe.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:4
15 Referans Kwoze  

Intamo yakho ifana nombhoshongo wophondo lwendlovu, amehlo akho afana namachibi aseHeshibhoni, ngasesangweni eBhathi Rabhimi; ikhala lakho linjengombhoshongo waseLebhanoni, obhekene neDamaseku.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Ingxenye elandelayo ephambi kwendawo yezikhali kuze kuyofika endaweni lapho ugange lujika khona yakhiwa ngu-Ezeri, indodana kaJeshuwa, umbusi waseMizpha.


engabambeleli kulowo oyinhloko, okungaye umzimba wonke uyondliwa, futhi uhlanganiswa ndawonye ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.


Izihlathi zakho zinhle zinemicu yobuhlalu, intamo yakho inemigexo.


Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”


“Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.


Makuthi amadodana ethu, ebusheni bawo, afane nezithombo ezikhule kahle, amadodakazi ethu afane nezinsika zamakhona eziqoshelwe ukwakha isigodlo.


Ikhanda lakho linjengeKharimeli, nomyeko okulo usabukhwebezane, inkosi ibambeke njengomthunjwa emiyekweni.


Ngangilugange, namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe, njengofumene ukuthula.


Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite