Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:15 - IsiZulu 2020

15 Isiphethu sezivande, umthombo wamanzi aphilayo, ogeleza uvela eLebhanoni!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Siphethu sensimu, mthombo wamanzi aphilayo, sifufula saseLebanoni!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 umthombo wamasimu, umthombo wamanzi aphilayo, nemifudlana evela eLebanoni.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:15
15 Referans Kwoze  

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”


Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


Uyisivande esihluthulelwe, ungumthombo ohluthulelweyo, isiphethu esibekwe uphawu, dadewethu, makoti wami.


Ngazakhela amachibi okunisela amahlathi okwakumile kuwo izihlahla.


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Ngabe imithombo yakho isisabalele yonke indawo, nemifula yamanzi ezigcawini na?


Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.


USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.


Ngalolo lusuku kuyakugobhoza amanzi okuphila eJerusalema. Ingxenye yawo iyogelezela olwandle ngasempumalanga, enye ingxenye yawo igelezele olwandle ngasentshonalanga, ubusika nehlobo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite