Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:13 - IsiZulu 2020

13 Izitshalo zakho ziyisivande samahananadi esithela izithelo zekhethelo; ihena elinamanadi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Amahlumela akho ayihlathi lamapomegranati* anezithelo ezinqabileyo, ihena* kanye nenadi,*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izitshalo zakho ziyinsimu yamahalananda, izithelo ezimnandi; i-camphor, ne-spikenard,

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:13
18 Referans Kwoze  

Othandiweyo wami kimi ufana nesixha sehena ezivinini zase-Eni Gedi.


Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.


Ngazenzela izivande nezindawo zokuphumula, ngatshala kuzo zonke, izinhlobo zezihlahla zezithelo.


Ngesikhathi inkosi isahleli etafuleni layo, inadi lami lathaphuka iphunga lalo.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ngaye uJesu Khristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu.


Kwathi eseseBhethaniya ehleli edla, endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabhaste wamafutha enadi lodwa, elibiza inani elikhulu. Wawuchoboza umfuma, wathela amafutha ekhanda likaJesu.


Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengokuba insimu ihlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uSimakade iyokuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo, badle ifa lezwe kuze kube phakade; igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa; mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo, nesiphuzo sami samahananadi.


Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.


inadi nesafroni, nomhlanga nesinamoni, nazo zonke izihlahla zenhlaka, zemure, zenhlaba, nazo zonke izinhlobo zamakha ekhethelo.


Nalapho sebebadala bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.


Abakhubani omunye nomunye; bayahamba, kube yilowo nalowo endleni yakhe; abayeki ukungena ngodli phakathi kwezikhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite