Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:12 - IsiZulu 2020

12 Uyisivande esihluthulelwe, ungumthombo ohluthulelweyo, isiphethu esibekwe uphawu, dadewethu, makoti wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uyinsimu ehluthulelweyo, dadewethu, makoti wami, umthombo ohluthulelweyo nesiphethu esibekwe uphawu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uvalelwe ensimini udadewethu, makoti wami; valani umthombo, valani umthombo.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:12
17 Referans Kwoze  

Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla, kodwa uNkulunkulu uyakushabalalisa kokubili. Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba.


yathi: “Ningawoni umhlaba, noma ulwandle noma izihlahla, size sizibeke uphawu emabunzini izinceku zikaNkulunkulu wethu.”


unemicabango eyahlukene. Nongaganile, oyintombi, ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni. Kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuthi angayithokozisa kanjani indoda yakhe.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa.


Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso


nguye futhi owasibeka uphawu, nowasipha uMoya oyisibambiso ezinhliziyweni zethu.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Bayakufika behlabelela ngokujabula, esicongweni seZiyoni bayakuthakasa ngenxa yokuhle abazokuphiwa nguSimakade; okusanhlamvu, iwayini, amafutha, amazinyane ezimvu namankonyane ezinkomo; umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniseliweyo, bangabe besaba nosizi nanini.


USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.


Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.


Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.


Kwakuthi lapho imihlambi isihlangene, abelusi bagingqe itshe emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, bese belibuyisela endaweni yalo, bagibekele ngalo umlomo womthombo.


Ungephuce inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami. Ungephuce inhliziyo yami ngokungibuka kanye nje ngeso lakho, nangomucu owodwa nje womgexo wentamo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite