Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:1 - IsiZulu 2020

1 Uyazi, umuhle sithandwa sami! Uyazi, umuhle! Amehlo akho angamajuba ngale kwemvakazi yakho. Izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba phakathi kwezikhiye zakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi ovela entabeni yakwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:1
17 Referans Kwoze  

Waze wamuhle sithandwa sami! Bheka, umuhle, amehlo akho angamajuba.


Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangisanganisa, izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi.


Njengocezu lwehananadi, zinjalo izihlathi zakho ngale kwemvakazi yakho.


Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.


Ikhanda lakho linjengeKharimeli, nomyeko okulo usabukhwebezane, inkosi ibambeke njengomthunjwa emiyekweni.


Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.


Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


Igama lakho laduma ezizweni ngenxa yobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngenxa yemihlobiso engangikuvunulise ngayo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.


khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.


UMose wanika uMakhiri, indodana kaManase, elakwaGileyadi, wahlala kulo.


Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,


Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite