Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:6 - IsiZulu 2020

6 Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngubani lo ophuma ehlane njengezinsika zomusi, egcotshwe ngemure nangempepho, kanye nazo zonke izimila zomthengisi?

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:6
26 Referans Kwoze  

Ngubani lo owenyukayo evela ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Ngakuvusa phansi kwesihlahla samahhabhula, lapho unyoko wahelelwa khona; wasikwa waze wakuzala.


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, ngizoya entabeni yemure nasegqumeni lenhlaka.


Othandiweyo wami uyisigaxa semure kimi, ulala phakathi kwamabele ami.


Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.


Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayeyilungiselelwe nguNkulunkulu, ukuba anakekelwe izinsuku eziyi-1 260.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Abantu abasinde enkembeni bafumane umusa ehlane, ngesikhathi u-Israyeli eya khona ukuze athole ukuphumula.”


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi.


Izihlathi zakhe zifana nombhede wamakha, imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zakhe zomlomo zifana neminduze econsa imure emanzi.


Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.


Amafutha akho athaphuka iphunga elimnandi, igama lakho linjengamafutha atheliweyo; yingakho izintombi zikuthanda nje.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.


USimakade wathi kuMose: “Thatha amakha anuka kamnandi: inathafi, ishehelethe, ihelibena, namakha empepho ecwengekileyo.


isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu.


Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni! Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha emaqhaweni ka-Israyeli.


Umbhede wami ngiwufafaze ngemure, ngenhlaba nangekinamona.


“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite