Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:9 - IsiZulu 2020

9 Othandiweyo wami ufana nensephe noma isixhumo sendluzele. Bheka, lona omi ngemuva kodonga lwakwethu; ugqolozele emafasiteleni, upopola ngamakhethini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Othandiweyo wami unjengendluzele nenkonyana yendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakithi, ulunguza emafasiteleni, ubonakala emigodweni.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:9
23 Referans Kwoze  

Shesha, njengensephe, noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha, wena othandiweyo wami.


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, phenduka wena othandiweyo wami, ufane nensephe noma nesixhumo sendluzele ezintabeni ezimakhelekehle.


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”


Njengalokhu umthetho uyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ngeke waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.


okuyisithunzi nje salokhu obekuzofika, kodwa okuyikhonakhona nguKhristu.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo.


Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yiMina, ngokuba yena wabhala ngami.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Base nabo bebalandisa ngokwakwenzeke endleleni, nokuthi bayazi kanjani ukuthi yiyo iNkosi, ngokuhlephula isinkwa.


Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle.


“Walunguza efasiteleni unina kaSisera, wakhala ngemuva kwekhethini, ethi: ‘Ilibaleleni inqola yakhe ukubuya, na? Uphi umsindo wezinqola zakhe, na?’


Uyindluzelekazi ethandayo, negogokazi elihle; amabele akhe mawakwenelise njalo, uhlale ugajwe uthando lwakhe.


Zisindise njengensephe esandleni somzingeli, nanjengenyoni esandleni somcuphi.


Ngisefasiteleni lendlu yami, ngalunguza ngekhethini lami,


Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.


Ngiyaniyala madodakazi aseJerusalema ngezimpala nemigakla; ningaluvusi uthando kungakabi yisikhathi, Luyekeni luziqubukele lona.


Madodakazi aseJerusalema, fungani nigomele ngezinsephe, noma ngezindluzelakazi zasendle; ngeke naluvusa uthando. Luyekeni luziqubukele lona ngokwalo!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite