Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:17 - IsiZulu 2020

17 Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, phenduka wena othandiweyo wami, ufane nensephe noma nesixhumo sendluzele ezintabeni ezimakhelekehle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, mawube njengensephe, wena othandiweyo wami, nanjengesixhumu sendluzele ezintabeni eziqhekezekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kuze kuse, amathunzi abaleke, phenduka, sithandwa sami, ube njengenkela noma ithole lendluzele ezintabeni ezingcono.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:17
10 Referans Kwoze  

Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, ngizoya entabeni yemure nasegqumeni lenhlaka.


Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.


Njengalokhu umthetho uyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ngeke waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”


Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya.


ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esihanjelwe ngakho ukukhanya okuvela phezulu,


Shesha, njengensephe, noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha, wena othandiweyo wami.


Uyindluzelekazi ethandayo, negogokazi elihle; amabele akhe mawakwenelise njalo, uhlale ugajwe uthando lwakhe.


Ngiyaniyala madodakazi aseJerusalema ngezimpala nemigakla; ningaluvusi uthando kungakabi yisikhathi, Luyekeni luziqubukele lona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite