Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:16 - IsiZulu 2020

16 Othandiweyo wami ungowami, nami ngingowakhe; welusela phakathi kweminduze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; udla ngaphansi kweminduze.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:16
15 Referans Kwoze  

Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze.


Mina ngingowothandiweyo wami, naye uyangilangazelela.


Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.


ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.


Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Amamandragora athaphuka iphunga elimnandi, ngaseminyango yethu kukhona zonke izinhlobo zezithelo zekhethelo, ezintsha nezindala, engizibekele wena, othandiweyo wami.


Amabele akho amabili anjengamazinyane, izixhumo zendluzelakazi ezingamaphahla, ziklabe phakathi kweminduze.


Ngiyimbali yaseSharoni, nomnduze wezimfunda.


Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami, umhlambi wakho uweluselaphi, uwuphumuzelaphi emini na? Kungani kumele ngihambe ngicinga emihlanjini yabangani bakho, njengowesifazane ogubuzele ngemvakazi na?


Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.


Woza, wena othandiweyo wami, siye endle, silale emizaneni.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite