Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:10 - IsiZulu 2020

10 Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami, uze.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:10
18 Referans Kwoze  

Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.”


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa.


Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.


USimakade wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthande ngothando lwaphakade, ngakho-ke ngikudonsile ngomusa.


Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”


Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni!


UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile, iDwala lika-Israyeli lathi kimi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokwesaba uNkulunkulu,


Kuthe uJesu edlula lapho, wabona umuntu okuthiwa nguMathewu ehleli endaweni yokuthelisa, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke wamlandela.


Ngikufanisa nehhashi lami lensikazi phakathi kwezinqola zempi kaFaro, sithandwa sami.


Waze wamuhle sithandwa sami! Bheka, umuhle, amehlo akho angamajuba.


Ngokuba ubusika sebudlulile, nemvula ayisekho, alisani;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite