Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:8 - IsiZulu 2020

8 Uma ungazi, wena omuhle kunabo bonke abesifazane, landela imizila yomhlambi, weluse amazinyane akho ngasemathendeni abelusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma ungazi lokhu, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, hamba ezinyathelweni zomhlambi, nezimbuzi zakho zeluse ngasematendeni abelusi.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:8
25 Referans Kwoze  

Uyephi othandiweyo wakho, wena omuhle kakhulu phakathi kwabesifazane na? Ushonephi othandiweyo wakho sikufunise?


Othandiweyo wakho ubedlula ngani abanye, wena omuhle phakathi kwabo bonke abesifazane na? Othandiweyo wakho ubedlula ngani abanye, ukuze usifungise kanjalo na?


njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo.


Bazalwane, thathani njengesibonelo sokuhlupheka okubi nokubekezela, abaphrofethi ababekhuluma egameni leNkosi.


U-Abhrahama, ukhokho wethu, akalungisiswanga yini ngemisebenzi lapho enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-althare na?


Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.


ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala.


Ngilingiseni njengokuba nami ngilingisa uKhristu.


Kwathi sebeqedile, uJesu wathi kuSimoni Phethro: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?” UPhethro wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi Wena ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!


Umuhle ngokuphelele sithandwa sami, akukho sici kuwe.


Uyazi, umuhle sithandwa sami! Uyazi, umuhle! Amehlo akho angamajuba ngale kwemvakazi yakho. Izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi.


Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.


Waze wamuhle sithandwa sami! Bheka, umuhle, amehlo akho angamajuba.


Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.


Indodakazi yenkosi yinhle kakhulu ilapho phakathi; ingubo yayo ifekethiswe ngegolide.


khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.


Abangcwele abasemhlabeni, abahloniphekileyo, ikubo intokozo yami yonke.


Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite