Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:3 - IsiZulu 2020

3 Amafutha akho athaphuka iphunga elimnandi, igama lakho linjengamafutha atheliweyo; yingakho izintombi zikuthanda nje.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngenxa yephunga elimnandi lamafutha akho, igama lakho linjengamafutha athululwayo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:3
26 Referans Kwoze  

Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.


UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu.


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Kufana namafutha amahle ekhanda, ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezembatho zakhe.


Iyiswa enkosini igqoke izingubo ezifekethisiweyo, ikhashwa yizintombi ezingabangani bayo, zilethwa kuwe.


“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi ezilishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma zayohlangabeza umyeni.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Izihlathi zakhe zifana nombhede wamakha, imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zakhe zomlomo zifana neminduze econsa imure emanzi.


Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa.


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo, kodwa umphefumulo udabukiswa yinhlupheko.


Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.


UMose wathi kuSimakade: “Bheka, uthe kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kodwa awungitshelanga ukuthi ngubani oyakumthuma nami. Uthe: ‘Ngiyakwazi ngegama, futhi ufumene umusa emehlweni ami.’


Ondlunkulu bangamashumi ayisithupha, izancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, izintombi azinakubalwa.


USimakade wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho bonke ubuhle bami, ngimemeze phambi kwakho igama likaSimakade, ngibe nomusa kulowo engithanda ukuba nomusa kuye, nesihe kulowo engithanda ukuba nesihe kuye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite