Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:13 - IsiZulu 2020

13 Othandiweyo wami uyisigaxa semure kimi, ulala phakathi kwamabele ami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Othandiweyo wami ungumshuqulu wemure* kimi, olele phakathi kwamabele ami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Othandiweyo wami uyisixha semure kimi; uzolala phakathi kwamabele ami ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:13
14 Referans Kwoze  

UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Kwafika noNikhodemu, owake wafika kuJesu ebusuku, yena-ke wayelethe ingxube yemure nenhlaba okungaba ngamalitha ayikhulu.


Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure nenhlaba nekhasiya. Imiqangala evela ezigodlweni zophondo lwendlovu iyakwethabisa.


Izihlathi zakhe zifana nombhede wamakha, imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zakhe zomlomo zifana neminduze econsa imure emanzi.


Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


inadi nesafroni, nomhlanga nesinamoni, nazo zonke izihlahla zenhlaka, zemure, zenhlaba, nazo zonke izinhlobo zamakha ekhethelo.


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, ngizoya entabeni yemure nasegqumeni lenhlaka.


Madodakazi aseJerusalema, fungani nigomele ngezinsephe, noma ngezindluzelakazi zasendle; ngeke naluvusa uthando. Luyekeni luziqubukele lona ngokwalo!


Ngiyaniyala madodakazi aseJerusalema ngezimpala nemigakla; ningaluvusi uthando kungakabi yisikhathi, Luyekeni luziqubukele lona.


Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite