Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:5 - IsiZulu 2020

5 Uma uthelekelwa ngamasela, nabaphangi ebusuku, uyakuphundlwa kangakanani! Abayukweba yini bazanelise bona na? Uma abavuna izithelo zomvini begaleleka kuwe, abayukuwushiya yini umkhothozo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Uma amasela efika kuwe, nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho bebengayikweba baze baneliswe na? Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya umkhothozo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma amasela efika kuwe njengabaphangi ebusuku, (yeka ukubhujiswa kwakho!) abengayikweba aze asuthe na? uma abavuni bezithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya izithelo zomvini na?

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:5
13 Referans Kwoze  

Uma kufika kuwe abavuni bamagilebhisi, abayukushiya mkhothozo yini na? Uma kutheleka amasela ebusuku, awayukuntshontsha yini lokho akudingayo na?


Uma uvuna okwesivini sakho, awuyukukhothoza futhi, kodwa lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi.


Umkhwanyo uyosala njengokusale kuwohlozwa iminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu ezihlokweni phezulu, ezine noma ezinhlanu emagatsheni omuthi,” kusho uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


Yeka ukunqunywa nokwephulwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBhabhele incithakalo ezizweni!


Kuyokuba kanjalo emhlabeni phakathi kwezizwe. Kuyakuba njengomnqumo uvithikile, nanjengokukhothoza sekwedlule isikhathi sokuvuna amagilebhisi.


“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe.


“Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!


Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Insali yakwa-Israyeli bayakuyikhothoza nokuyikhothoza njengomvini. Njengovuna amagilebhisi, yedlulisa isandla sakho phezu kwamagatsha.”


Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite