Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:3 - IsiZulu 2020

3 Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme, othi enhliziyweni yakho: Ngubani ongangehlisela phansi na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, wena ohlala emifantwini yedwala, okhaya lakho liphakeme; othi enhliziyweni yakhe: “Ngubani oyakungehlisela phansi na?

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:3
21 Referans Kwoze  

Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.


Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.


Wabulala izi-10 000 zabakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti, wadla iSela; wayeseliqamba kabusha ethi yiJokitheyeli, okuyigama lalo kuze kube namuhla.


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


Uzigqajelani ngezigodi, ngesigodi sakho esivundileyo, wena ndodakazi ehlubukayo, othembele engcebeni yakho, uthi: ‘Ngubani ongangihlasela na?’


Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya ngaphambi kokuba abhujiswe, kanti ukuthobeka kwandulela udumo.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Abantu bakwaJuda bathumba abaseSeyiri abayizi-10 000 babayisa esiqongweni sewa bephila, babaphonsa phansi eweni, baphihlizeka bonke.


U-Amaziya waqunga isibindi, wahola abantu bakhe waya eSigodini Sikasawoti, wabulala abantu baseSeyiri abayizi-10 000.


Noma ukuphakama kwakhe kungakhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelele emafini,


Bheka, ngimelene nani, nina enakhe esigodini, wena dwala lethafa, kusho uSimakade. Nina enithi: “ ‘Ngubani oyakwehla asihlasele na? Ngubani oyakungena ezindaweni esizifihle kuzo na?’


“Usho kanje uSimakade, uthi: ningazikhohlisi, nithi: ‘AmaKhaledi ayakusuka kithi noma kanjani, ahambe,’ ngokuba awayukuhamba.


Shiyani imizi, nihlale phakathi kwamadwala; nina zakhamuzi zakwaMowabi, yibani njengejuba, elakha isidleke emlonyeni wesiwa.


U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.


Ngokuhweba kwakho kakhulu, wagcwala ubudlova, waphambuka; ngakulahla entabeni kaNkulunkulu usungcolile, ngakubhubhisa wena kherubhi elingumlindi, wasuka ematsheni omlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite