Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:19 - IsiZulu 2020

19 Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu, kuthi abaseShephela badle elamaFilisti, elakwa-Efrayimi nelaseSamariya, abakwaBhenjamini badle iGileyadi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya, uBenjamini adle iGileyadi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Abasuka eningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu; nabasethafeni, amaFilisti, badle ifa lensimu yakwa-Efrayimi nensimu yaseSamariya; uBenjamini uyakudla iGileyadi.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:19
33 Referans Kwoze  

ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.


Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Niyakuhlala ezweni engalinika okhokho benu, nibe ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu.


Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizokwelulela isandla sami kumaFilisti, ngimelane nawo, ngiwabulale amaKherethi, ngibhubhise insali esogwini lolwandle.


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


Ngokuba uNkulunkulu uzolisindisa iZiyoni, ayakhe imizi yakwaJuda, bahlale kuyo, libe yifa labo.


Inkosi yathumela le mpendulo: “KuRehumi, umbusi waseShimishayi, nonobhala nabangani babo abahlala eSamariya, nabo bonke abasentshonalanga yeYufrathe, ngiyanibingelela.


zaya kuZerubhabhele nasezinhlokweni zemindeni, zathi kubo: “Masinisize nathi ekwakheni, ngokuba sikhonza uNkulunkulu njengani; besilokhu sethula imihlatshelo kuye kusukela ngezinsuku zika-Esari Hadoni, inkosi yase-Asiriya, okunguyena owasiletha lapha.”


UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli, inkosi yase-Asiriya, nomoya kaThiligathi Philineseri, inkosi yase-Asiriya, babathumba abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, babayisa eHala, eHabhori, eHara, nasemfuleni iGozani, kuze kube namuhla.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona.


Emathafeni: i-Eshithawoli, iZora, i-Ashina,


Imizi eyayingeyabozalo lukaJuda ngasekupheleni eningizimu kuya emngceleni kwa-Edomi kwakuyilena: yiKhabhizeyeli, i-Edere, iJaguri,


nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.


indawo yabo kwawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nengxenye yezwe lakwa-Amoni kuya e-Aroweri, elingaphambi kweRaba,


Abozalo lukaJosefa, okungukuthi uzalo lwabakwa-Efrayimi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20, bonke abangaphuma impi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite