Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:17 - IsiZulu 2020

17 Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa, iyakuba yindawo engcwele, nabendlu yakwaJakobe bayakudla ifa lababaphangileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kodwa eNtabeni yaseSiyoni kuyoba khona insindiso, futhi kuyoba khona ubungcwele; indlu kaJakobe iyakudla ifa layo.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:17
25 Referans Kwoze  

Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.


Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”


“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.


Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo, badle ifa lezwe kuze kube phakade; igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”


Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”


“IZiyoni lizokhululwa ngobulungiswa, nalabo abakulo baphenduke ngokulunga.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubuyela eZiyoni, ngihlale phakathi kwalo iJerusalema. IJerusalema liyakubizwa ngokuthi ‘uMuzi Othembekileyo’ nentaba kaSimakade Wamabandla ibizwe ngokuthi: ‘YiNtaba Engcwele.’ ”


Abayakuphunyuka enkembeni bayakubuya eGibhithe, babuyele ezweni lakwaJuda, beyingcosana. Yonke insali yakwaJuda eye eGibhithe ukuba igogobale khona iyokwazi ukuthi ngelikabani izwi eliyakuma, elami noma elayo.


Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”


Abasindileyo kubo bayakuphunyuka, batholakale ezintabeni njengamajuba asezigodini, bonke belila, yilowo nalowo ngezono zakhe.


Ngokuba uNkulunkulu uzolisindisa iZiyoni, ayakhe imizi yakwaJuda, bahlale kuyo, libe yifa labo.


Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


Ngiyakuveza izizukulwane kuJakobe, nendlalifa yezintaba zami kuJuda; abakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakukwakha khona.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli lizwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, ngesikhathi ngibabuyisa ekuthunjweni kwabo, bathi: ‘USimakade makakubusise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


Ngiyakukwenza abantu bami u-Israyeli ukuba bachachaze phezu kwenu, bayakunithatha nibe yifa labo; awusayukuphinde ubaphuce abantwana.


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwemukeliswa umbuso, ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


Phela nina nithathe isiliva negolide lami, nangenisa amagugu ami emathempelini enu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite