Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:14 - IsiZulu 2020

14 Kwakungafanele ume ezimpambanweni zemigwaqo ukuba unqume abakubo abaphunyukileyo. Kwakungafanele ukhaphele abasindileyo bakubo ngosuku losizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe, ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Futhi bekungafanele ume ezimpambanweni zezindlela ukuze uqothule abaphunyukileyo; nabasalayo osukwini lwenhlupheko anizange nizinikele.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:14
10 Referans Kwoze  

Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi lolu wusuku losizi, lokukhankathwa nokwedelelwa. Abantwana sebelungele ukuzalwa, kodwa amandla okubazala awekho.


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”


ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zemigwaqo, nimeme noma yimuphi enimtholayo ukuba eze emshadweni.’


“Lulekanani, nithathe isinqumo, umphefumulo wabo ube njengobusuku phakathi kwemini, nibhacise abaxoshiweyo, ningabadaluli ababalekileyo.


Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabagogobale phakathi kwenu, nibe yisiphephelo sabo kumbhubhisi.” Kuyothi lapho umcindezeli engasekho, nokubhujiswa sekuphelile, seziqediwe nezidlova ezweni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite