Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:13 - IsiZulu 2020

13 Kwakungafanele ungene ngesango labantu bami mhla bevelelwa yinhlekelele. Kwakungafanele futhi ubuke nje usizi lwabo mhla bevelelwa yisigemegeme, Kwakungafanele welule isandla sakho uthathe umcebo wakhe mhla evelelwe yinhlekelele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo, ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo, ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwakungafanele ungene esangweni labantu bami ngosuku lwenhlekelele yabo; yebo, ubungafanele ubheke usizi lwabo ngosuku lwenhlekelele yabo, noma ubeke izandla phezu kwempahla yabo ngosuku lwenhlekelele yabo;

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:13
9 Referans Kwoze  

Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


“ ‘ “Ngokuba wathi: ‘Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, ngidle ifa lakho,’ nakuba uSimakade ebelapho,


“ ‘ “Ngenxa yokuba unobutha obungapheliyo, futhi unikele abakwa-Israyeli ukuba badliwe yinkemba lapho behlelwa yisigemegeme, ngesikhathi bethola isijeziso sabo sokugcina,


Sengingawabala wonke amathambo ami. Bangigqolozela, beklibhiza.


Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba isitha sithe kini: Ashila, sabuye sathi: Izindawo eziphakemeyo zasemandulo seziyifa lethu.


“Ngakho-ke phrofetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngokuba impela banenza naba yincithakalo, banilimaza nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo,


“Uma ngithokozile ngengozi eyehlele ongizondayo, ngatshakadula ngenxa yokuba ehlelwe ngokubi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite