Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Obadiya 1:12 - IsiZulu 2020

12 Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe, ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo, ungaqhalazi ngosuku losizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa kwakungafanele ubheke usuku lomfowenu mhla engowemzini; futhi kwakungafanele ujabule ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo; futhi kwakungafanele ukhulume ngokuzidla ngosuku losizi.

Gade chapit la Kopi




Obadiya 1:12
27 Referans Kwoze  

Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”


Njengoba nawe wathokoza ngefa lendlu yakwa-Israyeli, lapho iba yincithakalo, ngiyakwenza kanjalo nakuwe. Wena ntaba iSeyiri uyakuba yincithakalo, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke jikelele, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.”


Odelela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


INkosi imhleka usulu, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe selusondele.


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Sengingawabala wonke amathambo ami. Bangigqolozela, beklibhiza.


“Uma ngithokozile ngengozi eyehlele ongizondayo, ngatshakadula ngenxa yokuba ehlelwe ngokubi,


Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nezihlambalazayo, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingama-42.


Lunjalo-ke nolimi, luyisitho esincane, kodwa luzigabisa kakhulu. Phela inhlansana nje ingathungela ihlathi elikhulu.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


Ngesandla sezinceku zakho uyidelelile iNkosi, wathi: ‘Ngezinqola zami eziningi ngenyukele phezulu ezintabeni, kuze kube semikhawulweni yeLebhanoni; ngagawulela phansi imisedari yalo emide, nemisayiphuresi yalo ekhethekileyo, ngafinyelela emajukujukwini ekuphakameni kwalo, nasesijwini sehlathi elicinene.


Iso lami liyakuzibona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngabenzi bokubi abangivukelayo.


UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.


Igama lakho lingikhulule kuzo zonke izinkathazo, iso lami lizibonile izitha zami zinqotshwa.


Abasentshonalanga bethuswa lusuku lwaso, nabasempumalanga bakhungathwa ngukwesaba.


Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana, bahlekisa ngami; ophumasilwe engingabazi bangithelekela, bangishaya bangayeka.


Zonke izitha zakho ziyakuhleka, ziyakubhuqa; zikugedlela amazinyo, zithi: “Siligwinyile, impela yilona lolu suku obekukade silulindele, manje silutholile, silubonile.”


Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade. Ngiyizwile yonke inhlamba yakho oyithuke usezintabeni zakwa-Israyeli, uthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: impela ngentukuthelo yami evuthayo, ngikhulumile ngamelana nensali ezizweni naye wonke u-Edomi, abenze izwe lami laba yifa labo ngentokozo nangenhliziyo yabo embi, ukuze lilahlwe libe yimpango.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite