Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 9:50 - IsiZulu 2020

50 “Usawoti muhle, kodwa uma usawoti usuduma, niyakuwubuyisela kanjani ubusawoti bawo na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

50 Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ningawuthambisa ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

50 Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ningawuthambisa ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 9:50
28 Referans Kwoze  

Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke.


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu.


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Okuduma kungadliwa yini ngaphandle kukasawoti na? Kuyahlwabusa yini okumhlophe kweqanda na?


Baziseni kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu.


Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.


Kepha bathula du, ngokuba babephikisana endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Uyakukusondeza phambi kukaSimakade, abaphristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.


“Yilowo nalowo uyovivinywa ngomlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite