Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 9:32 - IsiZulu 2020

32 Kepha abakuqondanga lokho ayekusho, besaba nokumbuza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Kodwa kabaliqondanga lelolizwi, besaba ukumbuza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kodwa kabaliqondanga lelolizwi, besaba ukumbuza.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 9:32
12 Referans Kwoze  

Kepha abakuqondanga lokho; leli lizwi laliyimpicabadala kubo, abakuqondanga lokho akushoyo.


Kabaqondanga ukuthi isho ukuthini inkulumo yakhe, ngokuba yayifihliwe kubo, funa bayiqonde, futhi besaba ukumbuza ngayo.


Kepha abaliqondanga izwi alikhuluma kubo.


UJesu wayazi ukuthi bebefuna ukumbuza, wayesethi kubo: “Ngabe nibuzana ngalokho engikushilo yini, ngathi: ‘Kusezakuba yisikhashana, ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone’ na?


Abafundi bakhe abakuqondanga lokhu ekuqaleni, kodwa lapho uJesu esekhazimulisiwe, bakhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye, nokuthi lokho babekwenzile kuye.


Lokho kwaba yisifuba sabo, belokhu bebuzana bodwa ukuthi kuyini lokho kuvuka kwabafileyo.


Ngaleso sikhathi kwase kufika abafundi bakhe, bamangala lapho bemfica ekhuluma nowesifazane. Kepha akekho noyedwa owabuza, wathi: “Ufunani na?” noma “Ukhulumelani nowesifazane na?”


Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo.


Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.


Kepha uJesu waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamthethisa uPhethro, ethi: “Buyela emva kwami, Sathane. Awuzibuki izinto ngeso likaNkulunkulu, kodwa ngelabantu.”


Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite