Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 8:35 - IsiZulu 2020

35 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

35 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kodwa loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe ngenxa yami langevangeli, yena uzakusindisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kodwa loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe ngenxa yami langevangeli, yena uzakusindisa.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 8:35
27 Referans Kwoze  

Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulo.


Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.


Ofuna ukulondoloza ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa yikho, uyakukulondoloza.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana.


Ngalokho ngiyathokoza ebuthakathakeni bami, ekwedelelweni, ebunzimeni, ekuhlushweni, nasebunzimeni bonke ngenxa kaKhristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona.


Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.”


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha lowo olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukusindisa.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa.


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Abesifazane babuyiselwa abakubo ababefile sebevusiwe,


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na?


isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite