Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 8:23 - IsiZulu 2020

23 UJesu wayibamba ngesandla impumputhe wayiholela ngaphandle komuzi, waphimisela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza, wathi: “Kukhona yini okubonayo na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Wayibamba ngesandla impumputhe, wayiyisa ngaphandle komuzi; wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza ukuthi ibona utho yini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wayibamba ngesandla impumputhe, wayiyisa ngaphandle komuzi; wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza ukuthi ibona utho yini.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 8:23
12 Referans Kwoze  

UJesu wagudluka naso esixukwini, baba bodwa, wayesefaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, wathinta ulimi lwaso,


wamncenga kakhulu, ethi: “Indodakazi yami isiyalayela, ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isinde, iphile.”


USawula wayesevuka phansi, kepha kuthe evula amehlo akaze abona lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku.


Akekho oliqondisayo phakathi kwawo wonke amadodana eliwazeleyo. Akekho olibamba ngesandla kuwo wonke amadodana eliwakhulisileyo.


Usho kanje uSimakade owakudalayo, wakubumba kwasesibelethweni, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.


Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha eGibhithe; ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami, nami angibanakanga,” kusho iNkosi.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.”


Wayiphindisela ekhaya, wathi kuyo: “Ungangeni emzini wabantu.”


Induna yenkulungwane yayibamba ngesandla, yathi ukugudluka nayo, yayisiyibuza sebebodwa, yathi: “Kuyini ofuna ukungibikela khona na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite