Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 7:4 - IsiZulu 2020

4 nalapho bebuya endalini kabadli bengazihlambile izandla. Kukhona nokunye okuningi abakwemukelayo futhi ababambelele kukho; njengokugeza izinkomishi, izinkamba, nezitsha zethusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi –

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 7:4
15 Referans Kwoze  

Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Kwakukhona lapho izimbiza eziyisithupha ezazenziwe ngamatshe, zibekwe ngokwesiko labaJuda lokugeza izandla. Imbiza ngayinye yayimumatha umthamo othi awube yizilinganiso ezimbili noma ezintathu.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,


Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabafundi bakaJohane nomJuda othile mayelana nokuhlambulula.


Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekhabhi izitsha ezazigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: “Phuzani iwayini!”


MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.


“Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambelele esikweni labantu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite