Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 6:48 - IsiZulu 2020

48 wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

48 Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

48 Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 6:48
16 Referans Kwoze  

Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho,


Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile.


oweneka izulu yedwa, ahambe phezu kwamaza olwandle,


abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.


Kepha isikebhe sasesiqhele ibanga ogwini, sishukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambana nabo.


“Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe, ongaduduzwanga, bheka, ngizokufaka amatshe esiliva, izisekelo zakho zibe ngamasafire.


Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya,


USimakade kweliphezulu unamandla ukwedlula ukuhlokoma kwamanzi amaningi, nokuduma kwamadlambi olwandle.


Ngakusasa uSawule wabahlela abantu wabamisa izigaba ezintathu. Bangena enkanjini yakwa-Amoni ekuthatheni kokusa, babulala abakwa-Amoni laze laphakama ilanga. Abasalayo basakazeka bagcwala iziganga, akusalanga kubo ababili bendawonye.


Wayesethi kuJakobe: “Ngiyeke ngihambe ngokuba sekuyasa.” Wayiphendula wathi: “Anginakukudedela ungakangibusisi.”


Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”


Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.


Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe.


Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini,


Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala.


“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi umnikazi wendlu uyakufika nini, noma kusihlwa, noma kwesikabhadakazi, noma ngokukhala kwezinkukhu noma ekuseni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite